Inkulumo Elungiselelwe IsiZulu Examples

Inkulumo Elungiselelwe IsiZulu Examples

Iyini inkulumo elungiselelwe?

  • Inkulumo elungiselelwe yinkulumo oyihlelile ozoyethula emcimbinmi thizeni. Kungaba umcimbi wokuvalelisa umuntu/ abantu, owokwethwesa iziqu njl.
  • Kubalulekile ukuthi inkulumo ihambelane nomcimbi lowo ezokwethulwa kuwo.
  • Inkulumo idinga ukulungiselelwa ukuze ihleleke kahle.
  • Kusetshenziswa inkathi yamanje, lena yinkulumo ngqo eyethulwa kubantu belalele, bekubuka nawe ubabuka.

Okulindelekile uma kubhalwa inkulumo elungiselelwe:

  • Zilungiselela ngokwenza ucwaningo bese uhlela ulwazi.
  • Bhala isihloko: isihloko esizoba nale mininingwane: inhloso yenkulumo, yethulwa ngubani? Kumuphi umcimbi? Nini? Wawuqhutshelwa kuyiphi indawo?
  • Qala ngokubonga ithuba kumphathi wohlelo.
  • Bingelela izethameli ngokwezikhundla zazo uqale ngabanezikhundla eziphezulu wehle njalo.
  • Yethula inkulumo yakho ehlukaniswe kahle ngezigaba. Lapha wethula inkulumo njengoba ocwaningile ngesihloko wase uyihlela ukuze amaphuzu athelelane kahle. Iphuzu nephuzu lidingidwa esigabeni salo lodwa. Ekugcineni kubalulekile ukuthi uphose inselelo kuzethameli.
  • Sebenzisa irejista, isitayela nephimbo okuhambisana nezethameli, inhloso nesimo somcimbi.
  • Khetha amagama anembayo ungathemelezi
  • Yethula amaqiniso, umbono, incazelo eqondile negudliselayo incazelo esobala necashile.
  • Khombisa indlela obuka ngayo izinto ukuchema, ukucwasa, ulimi oluthinta imizwa, oluncengayo nolimi oluvumisayo.
  • Uma inkulumo seyiphelile, buyisela kumphathi wohlelo ngokuthi uphinde ubonge kuye.

Isibonelo senkulumo elungiselelwe:

Umbuzo:

Njengomfundi wendawo owaziphatha kahle kulesi sikole waphumulela ngamalengiso, isikole sibe sesihlela umcimbi wokuvalelisa abafundi bebanga le-12 kulo nyaka. Ucelwe ukuba ube ngomunye wezikhulumi kulo mcimbi. Bhala inkulumo elungiselelwe ozoyethula kulo mcimbi.

Amalungiselelo
Isihloko


1.Ukubonga ithuba nokubingelela abantu ngezikhundla zabo. 2.Izinselele ezibhekene nentsha.
3.Ukugqugquzela imfundo entsheni.
4.Ukukhuthaza intsha ukuthi izibambe ziqine.
5.Ukubonga kumphathi wohlelo.

Inkulumo yokukhuthaza abafundi bebanga le-12 emcimbini wokuvaleliswa kwabo, eNhlungwane H. S yethulwa nguMnu. S. K. Gumede ngehora lesi-9 ziyi-11 kuLwezi wezi- 20...

Noma

Microsoft Word – IsiZulu 17:11.docx

Yethulwa ngu: Mnu. S. K. Gumede

Uhlobo lomcimbi: Umcimbi wokuvalelisa abafundi babanga le-12. : INhlungwana H. S

Indawo: Ngehora lesi-9 ekuseni.

Isikhathi: 11 kuLwezi 20..

Inkunzi isematholeni
Ngibonge ithuba eliyingqayizivele engilinikwe ngumphathi wohlelo. Ngibingelela umhloli omele uMnyango WeMfundo, Othisha abakhulu, othisha bonke,
Umkhandlu wesikole, abazali kanye nabafundi abangosingaye kulo mcimbi.

Bafundi bebanga le-12, abaholi bakusasa yinina. Izwe lethu namuhla libhekene nezinselelo ezahlukahlukene, okubalwa kuzo ukuntengantenga kwesimo somnotho, ukwanda kwezinswelaboya, ngenxa yokungasebenzi kwentsha kanye nezifo ezingalapheki ezahlukahlukene. Zonke lezi zimo ziyoxazululwa yini enisabona nezimpukane ngesikhali senu esiyimfundo.

Sifundile emaphephandabeni uMnu. Mthembu ethi imfundo yiyona eyothuthukisa leli zwe. Sibonile nakomabonakude kwenziwa izinhlelo zezemfundo ukuze kusizakale wonke umuntu. Bafundi isiZulu sithi elisuka muva likholwa yizagila, sukumani-ke niphikelele kwaNgqondonkulu niyofuna imfundo. uHulumeni usenenzele nezinto zalula ngokunihlelela imfundo yamahhala. Akusekho ukuziba ngezimali ezingekho.

Uma senifundile niyokwazi ukuthuthukisa amakhaya enu. Umphakathi wonkana uyozishaya isifuba ngani njengoba kungasensuku zatshwala nje nihlolelwe ukuphela konyaka, zibambeni ziqine.

Ngiyabonga mphathi wohlelo.



Looking for something specific?