Skip to content Skip to sidebar Skip to footer

1. Yini Umdlalo noma Idrama?

Umdlalo usuke ubhalelwe ukudlalwa esiteji ngaphambi kwezibukeli.

  • Indaba emdlalweni iqhubeka ngenkulumo-mpendulwano.
  • Umehluko phakathi kwendaba emfushane nomdlalo wukuthi emdlalweni kuba nezinkulumo eziningi nabalingiswa abanika izenzakalo impilo.
  • Umdlalo onkundlanye ufana nendaba emfushane – ugxile esigamekweni esisodwa.
  • Kodwa, umdlalo onkundlanye uze uphelele lapho usudlalwa esiteji.

2. Izinhlobo Zemidlalo

Ngokwendlela yokudlalwa, kunezinhlobo ezahlukene zemidlalo ezihlukene ngezindawo zazo, izithameli, nezinjongo.


2.1 Umdlalo Weshashalazi

  • Udlalelwa eshashalazini
  • Abalingiswa bayabonakala
  • Izethameli zibuka bukhoma
  • Kukho uhlanganyelo phakathi kwabalingisi nezethameli
  • Izinto ezingabonakali empilweni yangempela azifanele ukufakwa (njengemoto yomjaho noma izulu elinemibani)

2.2 Umdlalo Kamabonakude Noma Ifilimu

  • Uthembela ezindlebeni nasemehlweni
  • Abalingiswa bayanyakaza futhi babonwe ngendlela ebanzi
  • Kuyenzeka ukubona izehlakalo ezenzeka emanzini, ezindaweni ezikude noma ezimotweni

2.3 Umdlalo Womoya / Umsakazo

  • Uqondene nokulalelwa kuphela
  • Abalingisi bafunda phambi kwesiqophamazwi
  • Imisindo iyasetshenziswa ukukhombisa ukuhamba kwezinto (njengezimoto, izinkomo, izitimela)
  • Izigcawu zihlukaniswa ngomculo
  • Umdlalo womsakazo uvamise ubude obuyimizuzu engama-30

2.4 Umdlalo Wokufundwa Kuphela

  • Umbhali akazihlelele izigcawu ezifanele esiteji
  • Kunesimo esingadlaliseki njengemifula, izilwane zasendle, imililo
  • Umdlalo ofundwa kuphela uyamjabulisa umfundi njengoba ethatha indawo yabalingiswa ngokuqonda kwakhe

3. Izinhlobo Zokuqukethwe Kwemidlalo

Lezi izinhlobo zikhombisa imizwa nokwakheka kwendaba:


3.1 Umdlalo Oyisenamisi

  • Ujabulisa
  • Ungaba nezindawo ezidabukisayo
  • Kodwa uphela ngenjabulo

3.2 Umdlalo Oyimbangalusizi

  • Unezehlakalo ezidabukisayo
  • Umlingiswa omkhulu uvame ukuphela ekufeni, ekukhubazekeni, noma ekubeni mpofu
  • Umlingiswa ovame ukuba msulwa kodwa nobuthaka

3.3 Umdlalo Oyigidigidi

  • Uhleka kakhulu
  • Abalingiswa bayaphithizela, baphikisana
  • Kwehla phezulu, kube mnandi kodwa kushube!

3.4 Umdlalo Womlando

  • Ulandisa ngamaqiniso ezake zenzeka
  • Abalingiswa ngabantu abangokoqobo noma abasuselwe kubo
  • Izehlakalo ezenzakala ezindaweni eziqondakalayo
  • Kufanele kufane neqiniso lomlando

4. Okubalulekile Uma Kubhalwa Umdlalo

  • Kufanele ucacise abalingiswa, izenzo, nendawo yokwenzeka
  • Qikelela ukuthi izinto ezifakwa zingadlalwa phambi kwezibukeli
  • Kumele kube nezigcawu ezicacile
  • Umbhali kufanele akhumbule imingcele yendawo ethile (isiteji, umsakazo, ithelevishini)

Get Free Help for Your Assignment Today

Click the Button Below:





Looking for something specific?