Isibonelo sencwadi yomsebenzi/ Yasemthethweni/ Yakomkhulu

Isibonelo sencwadi yomsebenzi/ Yasemthethweni/ Yakomkhulu IsiZulu Grade 10 – 12

Lena incwadi ebhalelwa izinhloso ezahlukene, okungaba ukucela umsebenzi, ukucela isikhala sokufunda, eyokubasela isikweletu, eya kwabezindaba njl.

Qaphela lokhu uma ubhala le ncwadi:

  • Namathela ezidingweni zalolo hlobo lwencwadi.
  • Sebenzisa ulimi oluqondile nolulula ukuze izethameli ezihlosiwe zizokuqonda okushiwoyo, khona zizophendula uma kudingeka.
  • Sebenzisa irejista yolimi efanele.
  • Hlukanisa izigaba ngokweqa umugqa owodwa

Incwadi yomsebenzi inalezi zingxenye:

Ikheli lombhali:

  • Bhala Ikheli lakho phezulu uliqale phakathi nendawo liye esandleni sokudla.
  • Ikheli lakho lihambisana nosuku oluphelele lokubhalwa kwencwadi.

Ikheli lobhalelwayo:

  • Bhala ikheli lobhalelwayo, kuqalwe ngesikhundla salowo obhalelwayo.
  • Libhalwa kusukela kwimajini ngasesandleni sokunxele ngaphansi kwekheli lombhali.
  • Umugqa wokuqala ubhala isikhundla salowo incwadi ebhekiswe kuye.

Isibingelelo:

sibingelelo asikhombise ukuhlonipha kulowo ombingelelayo.

Isihloko:

  • Shiya isikhala noma umugqa ngaphansi kwesibingelelo bese ubhala isihloko sencwadi yakho. Igama negama lesihloko liqala ngosonhlamvukazi.
  • Isihloko sisiza ukuba lowo othola incwadi asheshe abone ukuthi imayelana nani.

Umzimba:

  • Lena iyona ngqikithi yencwadi.
  • Shiya isikhala ngaphansi kwesihloko bese ubhala udaba lwakho.
  • Kubalulekile ukuthi luhlelwe kahle kulandelwa isakhiwo esiphelele; okuyisingeniso, indikimba nesiphetho.
  • Esingenisweni akuvele inhloso yencwadi.
  • Endikimbeni ucacisa kahle lokho obhala ngakho.
  • Okushoyo makucace futhi ungandi namazwi angenasidingo.
  • Incwadi yakho mayihlabe esikhonkosini.

Isiphetho:

  • Yiphethe kahle indikimba yakho ngaphambi kokuthi uvalelise; njengokuthi nje uma kade kubhalwa incwadi yokucela umsebenzi, “Ngingathokoza uma isicelo sami singaphumelela.”

Isivaleliso:

  • Shiya isikhala ngaphansi komzimba wencwadi bese uvalelisa ngokuthi: Yimina ozithobayo uThando Mkhize (Nksz)

Umyalelo:

Kunenkampani enikeza imifundaze kubafundi abaphumelele ngamalengiso kumatikuletsheni. Le mifundaze ilekelela abafundi ukukhokha izindleko zokufunda esikhungweni semfundo ephakeme.

Bhala incwadi ucele umfundaze kule nkampani.

isibonelo sencwadi yomsebenzi: Isicelo Somfundaze

P. O. Box 106
Hluhluwe 3960
11 Meyi 20.

Mqondisi
Hulette PTY LTD
P. O. Box 60 Pongola
3170

Mnumzane/ Nkosikazi/ Nkosazana

Isicelo Somfundaze

Ngibhala le ncwadi ukufaka isicelo somfundaze ozongelekelela ukukhokhela izindleko zokufunda esikhungweni semfundo ephakeme. Ngibone isikhangiso salo mfundaze sikhangiswe ephephandabeni Isolezwe langomhla zi-2 kuNhlaba kowezi-20… Lo mfundaze ubudinga abafundi abaphumelele ngamalengiso kumatikuletsheni.

Ngingumfundi wesifazane obefunda esikoleni Inqanawe ngonyaka wezi-20… Ngaphumelela ngamalengiso kuzo zonke izifundo engangizenza okuyilezi ezilandelayo: Mathematics, Life Science, Physical Science, Accounting, English, isiZulu kanye ne-Life Orientation. Isithombe sami saze savezwa ekhasini lokuqala ephephandabeni iLanga elalethula imiphumela.

Ngafaka isicelo sokuyofundela ubudokotela eNyuvesi yaseKapa, bangemukela. Izindleko zakhona kodwa zingenza ngiphelelwe yithemba ngoba ngikhuliswa ugogo ngemali yempesheni. Ngingajabula kakhulu ukuthola lo mfundaze ukuze amaphupho ami okuba udokotela ezofezeka.

Ngiyethembisa ukuthi uma nje ngingawuthola lo mfundaze, ngiyofunda ngokuzimisela, ukuze ngiphumelele ngibuye ngizosiza umphakathi wangakithi ontulayo. Ngojabula uma isicelo sami singaphumelela.

Yimina ozithobayo uBhekizenzo Thwala



Looking for something specific?