Skip to content Skip to footer

Isibonelo sokubhala incwadi yobungani Isizulu Grade 10 -12: Isibonelo sokubhala incwadi yobungani

Incwadi yobungani iba nekheli lalowo oyibhalayo, nosuku olubhalwe ngokugcwele. Akusetshenziswe igama lenyanga lesiZulu noma lesiNgisi elibhalwe ngokwesiZulu.

Kusetshenziswa isibingelelo sobungani; ungambiza ngegama noma umthophe ngesithakazelo. Le ncwadi iba nesingeniso umzimba kanye nesiphetho. Njengoba kuyincwadi yobungani, oyibhalayo uyibhala ngolimi olukhululekile. Yize ibhalwa ngolimi olukhululekile, oyibhalayo akumele asebenzise ulimi lwasemgwaqeni okuwulimi olungavumelekile.

Incwadi yobungani itheksthi ende engabekelwe mgomo ebhalelwa umngani noma isihlobo ngesizathu esithize.

Izinhlobo Zezincwadi Zobungani:

  • Ecelayo
  • Ebongayo / Encomayo
  • Exoxayo

Sibingelelo sencwadi Zobungani

  • Bingelela ombhalelayo sakukhuluma, kusetshenziswa isibingelelo sobungani esingabekelwe mgomo, sibe ngezansi kwekheli lombhali.
  • Ungambiza ngegama noma umthophe ngesithakazelo.
    • Isibonelo: Sibongile, Mzala, Gatsheni, Gogo.
  • Isibingelelo masikhombise ubuhlobo.

Isingeniso sencwadi Zobungani

  • Isingeniso kumele sikhombe ukuthi lona ombhalelayo nivamisile ukuxhumana.
  • Qalisa isigaba sesingeniso sakho ngelinye lamagama alandelayo:
    • Ngiyathokoza, Ngiyathemba, Ngajabula, Ngabonga, njll.
  • Isingeniso sakho sizohambelana ngesizathu sokubhala incwadi, akuphoqelekile ukuba usebenzise amagama angenhla njalo.
  • Isingeniso singaqala ngqo ngesizathu esenza ubhale incwadi.
    • Isibonelo: “Ngibhala lencwadi ngoba ngifuna ukukuxoxela ngohambo lwami engiluthathe ngempelasonto.”

Umzimba wencwadi Zobungani

  • Uma usubhala umzimba encwadini yakho yobungani, phindela embuzweni uwufundisise ukuze uthole ukuthi kufanele ubhale ngani.
  • Isibonelo: Umfowenu uqeda ukuthola iziqu zakhe zaseNyuvesi, bhala incwadi yobungani umuhalalisele ngempumelelo yakhe.
  • Kulesi sibonelo, kusho ukuthi emzimbeni wakho wencwadi uzobe ubongela umfowenu ngesenzo sakhe esihle sokuthola iziqu zakhe zaseNyuvesi.
  • Kungaba izigaba ezimbili noma ngaphezulu.

Isiphetho

  • Lapha ususayiphetha incwadi yakho, isiphetho sibhalwa sethule ubuhlobo.
  • Udlulisela obhalelwayo umyalenzo noma uthi akukhonzele.
    • Isibonelo 1: “Umalume uthi uzophinde asihambise futhi siyobona izilwane, ngingajabula uma ungasijoyina kuhambo lwethu nawe.”
    • Isibonelo 2: “Ukhonze kumalume nomalumekazi.”

Ukuvalelisa

  • Valelisa ukhombise ubuhlobo, igama lakho maliqale ngonkamisa ‘u’ omncane.
  • Asikho isidingo sokubhala isibongo uma ubhala incwadi yobungani.
    • Isibonelo: “Yimina umngani wakho uSibongile”
    • Noma: “Yimina umzala wakho uVusi”

Isibonelo sencwadi yobungani

Isibonelo 1

P. O. Box 1761
Empangeni 3880
11 Nhlaba 20.

Mzala

Ngajabula ukukubona enkonzweni yePhasika eJozini. Sengidunyazwa yile ndaba engiyizwile yokuthi usuqale imikhutshana engemihle lapho ekhaya.

Ngizwile ukuthi usuqale ukudla izidakamizwa. Akukuhle lokho gazi lami, ngithi angikuxwayise ngobungozi bale nto ozifaka kuyo. Isikole nezidakamizwa akuhambisani, amanzi namafutha. Ngiyakuxwayisa mzala, hlukana nezidakamizwa ngoba zizokwenza ukuthi ungaphumeleli ezifundweni zakho. Okubi kakhulu ngazo ukuthi ziyakubamba zikuthi ngqi kungabe kusaba lula ukuziyeka, kube yizona esezilawula impilo yakho.

Okunye okubi ngezidakamizwa ukuthi zikuholela kwezinye izenzo ezimbi njengokuntshontsha imali, kwazise zimba eqolo. Ungazithola usungumbulali, umdlwenguli ngoba umqondo wakho usuke usulawulwa yizo.
Uzothi ungazelele uzithole sewukhalelwa ngamasongo kaSigonyela, ube ukudla kwejele. Cabanga-ke ikusasa lakho selidicileka phansi. Awucabange nje indumalo anganayo umalume, kwazise ubeke wonke amathemba akhe kuwe.

Angethembe gazi lami ukuthi uyakuzwa engizama ukukusho. Zama ukubaleka kusenesikhathi. Kwesinye isikhathi izidakamizwa zikusanganisa ikhanda. Khumbula isalakutshelwa sibona ngomopho. Khonza kumalume nomalumekazi.

Yimina umzala wakho uSibonelo

Isibonelo 2

Screenshot

Get Free Help for Your Assignment Today

Click the Button Below:





Looking for something specific?


Leave a comment