Isibonelo sokubhala incwadi yobungani Isizulu Grade 10 -12

Isibonelo sokubhala incwadi yobungani Isizulu Grade 10 -12: Isibonelo sokubhala incwadi yobungani

Incwadi yobungani iba nekheli lalowo oyibhalayo, nosuku olubhalwe ngokugcwele. Akusetshenziswe igama lenyanga lesiZulu noma lesiNgisi elibhalwe ngokwesiZulu. Kusetshenziswa isibingelelo sobungani; ungambiza ngegama noma umthophe ngesithakazelo. Le ncwadi iba nesingeniso umzimba kanye nesiphetho. Njengoba kuyincwadi yobungani, oyibhalayo uyibhala ngolimi olukhululekile. Yize ibhalwa ngolimi olukhululekile, oyibhalayo akumele asebenzise ulimi lwasemgwaqeni okuwulimi olungavumelekile.

Isibonelo sencwadi yobungani

P. O. Box 1761
Empangeni 3880
11 Nhlaba 20.

Mzala

Ngajabula ukukubona enkonzweni yePhasika eJozini. Sengidunyazwa yile ndaba engiyizwile yokuthi usuqale imikhutshana engemihle lapho ekhaya.

Ngizwile ukuthi usuqale ukudla izidakamizwa. Akukuhle lokho gazi lami, ngithi angikuxwayise ngobungozi bale nto ozifaka kuyo. Isikole nezidakamizwa akuhambisani, amanzi namafutha. Ngiyakuxwayisa mzala, hlukana nezidakamizwa ngoba zizokwenza ukuthi ungaphumeleli ezifundweni zakho. Okubi kakhulu ngazo ukuthi ziyakubamba zikuthi ngqi kungabe kusaba lula ukuziyeka, kube yizona esezilawula impilo yakho.

Okunye okubi ngezidakamizwa ukuthi zikuholela kwezinye izenzo ezimbi njengokuntshontsha imali, kwazise zimba eqolo. Ungazithola usungumbulali, umdlwenguli ngoba umqondo wakho usuke usulawulwa yizo.
Uzothi ungazelele uzithole sewukhalelwa ngamasongo kaSigonyela, ube ukudla kwejele. Cabanga-ke ikusasa lakho selidicileka phansi. Awucabange nje indumalo anganayo umalume, kwazise ubeke wonke amathemba akhe kuwe.

Angethembe gazi lami ukuthi uyakuzwa engizama ukukusho. Zama ukubaleka kusenesikhathi. Kwesinye isikhathi izidakamizwa zikusanganisa ikhanda. Khumbula isalakutshelwa sibona ngomopho. Khonza kumalume nomalumekazi.

Yimina umzala wakho uSibonelo



Looking for something specific?