i-athikili yephephandaba IsiZulu Grade 10 - 12 (Guide and Examples)

i-athikili yephephandaba IsiZulu Grade 10 – 12 (Guide and Examples)

Indatshana yephephandaba /yephephabhuku.

I-athikhili yephaphabhuku iyindlela yokuletha ulwazi, inguquko, imininingwane ethile mayelana nalokho ofisa ukukwedlulisa noma ofuna ukukukhangisa. Uma ubhala i-athikhili sebenzisa ifonti ehlukahlukene, imibala ehlukahlukene egqamile. Le midwebo igqugquzela ukuthengisa umqondo othize. Ungabhalwa ngamagama athize okunezelela okushiwo yizithombe. Amanye amaphephandaba aphuma nsuku zonke, kanti iphephabhuku lona liphuma kanye ngenyanga noma kanye ezinyangeni ezintathu. Indlela ebhaleka ngayo imibiko yephephandaba neyephephabhuku iyefana, kuhluka nje ukuthi umbiko wephephandaba uzohlala isikhathi esifishane ngoba nephepha lihlala isikhathi esifishane kanti umbiko wephephabhuku wona uhlala isikhathi eside. Kusetshenziswa isakhiwo nesitayela esifanele.

Qaphela lokhu ngenkathi ubhala:

Indatshana yephephandaba/yephephabhuku kumele ishaye emhloleni; idlulise lokho okusemqoka. Ifingqe ngokunembayo, ingachezuki eqinisweni. Iba nesihloko esihle esihehayo. Kwesinye isikhathi ihambisana nesithombe esicacile.

Okulindelekile uma ubhala i-athikhili yephephandaba/ iphephabhuku:

  • Isihloko masiveze umongo wendaba kodwa sigodle ulwazi oluthile ukuze sizoheha.
  • Igama lentatheli nendawo okubhalwe kuyona isiqephu akuvele.
  • Umbiko ubhalwa ngendlela yamaphephandaba eba nezigatshana ezihlelwe ngokwamakhalamu.
  • Kweqiwa umugqa phakathi kwezigaba.
  • Ulwazi luhlelwa ngendlela yokuthi kuqale okubalulekile.
  • Isigaba sokuqala yisona esithwala ingqikithi yendaba ngokuthi sinikeze lokhu okulandelayo: Ubani? Wenzani? Kuphi? Nini? Ngoba kwenzenjani? Kanjani?
  • Ezigabeni ezilandelayo chaza kabanzi ngalokhu okushiwo esingenisweni.
  • Zama ukuthi i-athikhili yakho ingachemi.
  • Kusetshenziswa umlandi ongumuntu wesithathu.
  • Bhala amagama abantu khona kuzobonakala ubuqiniso balokho okushiwoyo.
  • Uvumelekile ukuthi usebenzise amagama ashiwo ngumuntu kodwa ucaphune
  • Ungasebenzisa inkathi edlule neyamanje embhalweni owodwa.

Isibonelo se- athikhili yephephandaba

Umyalelo Sekuzwakele ukuthi kukhona abantu abadayisela abafundi ezikoleni izidlo ezinezidakamizwa. Bhala i- athikhili yephephandaba mayelana nezimvo/izikhalazo zabantu ngenxa yalesi senzo

Amalungiselelo

Isingeniso:

Ukubhadanywa kwalesi sihlava sokudayiswa kwezidlo ezinezidakamizwa ezikoleni.

Umzimba:

  • Ubufakazi bokungenisa lesi sihlava
  • Ukukhathazeka komphakathi ngalesi senzo.
  • Ukuqwashisa ngezindlela zokuqeda/zokunqanda ukudayiswa kwalezi zidlo.

Isiphetho:

Ukugqugquzela ukubambisana komphakathi namaphoyisa ekulwisaneni nalo mkhuba.

Ssibonelo sombiko wephephandaba:

Ukudayiswa Kwezidlo Ezifakwe Izidakamizwa Ezikoleni

Othisha basesikoleni samabanga aphansi iZongile, bethuke boma, kuquleka abafundi aba-4 bebanga lesi-5 emva kwekhefu lokuqala. Uma bebuza kwabanye abafundi ukuthi yini imbangela yalokhu, babatshela ukuthi boba-4, bathenge amagwinya abedayiswa esangweni.

Laba bafundi baphuthunyiswe eMtholampilo, ofike wakuqinisekisa ukuthi badle ukudla okunezidakamizwa. Emtholampilo babasizile ngokususa izidakamizwa emizimbeni yabo. Othisha bakhuthaze ukuthi kuthungathwe lo muntu odayisele izingane ukudla okunezidakamizwa.

Umphakathi wona ubhodla umlilo ngalesi senzo. Sebephawula nokuthi lo mkhuba usuyanda kule ndawo. Baphawula nokuthi ziningi izikole lapho kudayiswa khona ukudla okunezidakamizwa. Baxakwa nangukuthi kungani laba bantu bedayisela izingane izidakamizwa. Abanye basola ukuthi kungenzeka ukuthi bafuna ukuzintshontsha izingane uma sezidakiwe izidakamizwa, bazidayise ukuthi ziyagqilazwa kwamanye amazwe.

USihlalo wesiGungu sokuphatha isikole waphawula wathi: “Sekuyisikhathi sokuthi kuhlolwe kahle bonke abantu abadayisela izingane ukudla ukuze izigilamkhuba zizobanjwa.” Kuphakanyiswe ukuthi umphakathi uhlangane namaphoyisa ukulwisana nalo mkhuba.

Kuloba u-Enhle Mnguni

IsiZulu HL FAL Grade 10 Study Resources Collection IsiZulu HL FAL SAL Grade 12 Study Resources Directory IsiZulu Home Language Grade 11 Study Resources Directory

Related Posts