Yini Okufanele Siyazi Ngezithakazelo?
Izithakazelo ziyingxenye ebalulekile yobuciko bomlomo. Zisetshenziswa ukubeka isithunzi, ukuhlonipha isibongo, nokukhumbula imvelaphi yomuntu.
Zifundwa noma zihaywa:
- ngesikhathi sokwethulwa komuntu
- emicimbini yamagugu
- noma ezinkulumweni ezisemthethweni
Isakhiwo Sezithakazelo
Nazo izithakazelo zinazo izici ezitholakala ezinkondlweni zesimanje. Lezi zici zifaka phakathi:
- Imvumelwano
- Ukuxhumana (siqalo & maphakathi)
- Umyalezo
- Impindwa
- Isigqi
- Izithombemagama
Lezi zici zenza izithakazelo zibe nezwa, zibe nencazelo ejulile, futhi zikhulise ubuhlakani bolimi.
Isibonelo Sezithakazelo
Izithakazelo ZakwaMkhize
Mkhize!
Gubhela!
Gewabe!
Khabazela kaMavovo,
Nhlama eyaphelel’ etsheni ngokubadaphunela
Mumb’ omhlophe!
Sibiside esimaphandla,
Esaphandla abaNguni bavungama.
Mbo, uMbulazi okhanya amasi esiswini.
Mbo, Umbulazi odla umuntu,
Emyenga ngendaba.
Enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ ilanga!
Nzalo kaSambela!
Nina baseMbo,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela!
Nzalo kaLuzalo
Nzalo kaZelize!
Izibonelo Zezici Ezisemqoka
Ukuxhumana Siqalo
Nzalo kaLuzalo
Nzalo kaZelize!
Lamagama awumugqa wokuqala wemigqa elandelanayo – lokhu kubizwa ngokuthi ukuxhumana siqalo.
Ukuxhumana Maphakathi
Mbo, uMbulazi okhanya amasi esiswini
Mbo, uMbulazi odla umuntu
Lapha igama elithi Mbo liyaphindwa maphakathi nemigqa.
Imvumelwano Sigcino
Gubhela!
Gcwabe!
Lawa magama agcina ngendlela efanayo, okuyisibonelo semvumelwano sigcino.
Kungani Kubalulekile Ukufunda Izithakazelo?
- Zifundisa ukuhlonipha umlando nomndeni
- Zandisa ulwazi lwesiZulu nezimpande zaso
- Zivuselela isiko lokuhlonipha abantu abadala
- Zikhiqiza umuzwa wokuba nobunye phakathi kwabantu abavela esibayeni esisodwa
- Zihlanganisa ubuciko bokukhuluma neqhaza lenkondlo
Ziqoqwe nguBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini
Izithakazelo – Kafuphi & Ngobude Bazo
| Isibongo | Izithakazelo Kafuphi (Ezimfishane) | Izithakazelo Ngobude Bazo (Ezinde) |
|---|---|---|
| Bhebhe | Makhedama, Soyengwase | Nina bakaBhebhe kaMthendeka!Nina bakaSoqubel’ onjengegundwane!Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya!Dlomo weNdl’ ende!Sihlangu samavaka seswel’ ababhemu!Wen’ owalala nomunw’ endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ ilanga!Makhul’ emini abafokazana bekhul’ ebusuku!Zingwazi zempi yakwaNdunu!Njoman’ eyaduk’ iminyakanyaka, yatholakal’ onyakeni wesine;Yabuye yatholakala ngowesikhombisa!Langeni, owavel’ elangeni! |
| Bhengu | Ngcolosi, Dlabazana | Nina bakwaDlabazana kaNgwane, kaNephu kaLamula!Nyawo zigezwa ngamazolo!Nin’ enivuka nixubhe ngelala!Shongololo, wath’ uyalithinta lahwaqabala!Ngabe siyakudla, sesab’ imilenzelenze!Nyawo zeshongololo kaziphumuli!Sigampu!Ngwane, ingwan’ ingwadi; abayibone ngesond’ ukuth’ iwelile!Jali!Nin’ enilala nomunw’ endunu, nivuke nikhwif’ ilanga!M’memezi kaHlangabeza, Ngcolosi! |
| Biyela | Mgazi, Ntshangase, Menziwa | Mvundlane, Mgazi, Malandela, Ndabezitha, Mgazi!Luzumane kaNdaba!Bazume, Ndaba, balibele!Njezi kaXhoko!Mvundlane wasoKhabeni,Mbeng’ osinda abosi |
| Blose (Bhulose) | Ndelu, Shinga, Madiba (Madziba), Dimba, Duma, Mseleku, Bohlela | Phonsel’ obus’ uMajonjobela!Othunga ligcwala lingethiwanga; ligcwal’ ukuhlakanipha!Noncengwa! Wen’ owancengw’ izintombi zathi: “Sicel’ usishade, Bhulose!”Chobile! Wen’ owachob’ izintwala zenkosazana!Shinga! Ak’ shinganga mina, kwashing’ isibongo! |
| Buthelezi | Shenge, Sokwalisa, Phungashe | Mnyamana kaNgqengelele!Mnandi ngamondi!Wen’ owadliwa ‘zindlovukazi zamlobolela!Nina zinyawo ezimahhele, enaganis’ izintombi nanganye nangambili! |

