Bengithi Lizokuna Grade 12: Izincwadi Zokufunda, Abalinganiswa Nemibuzo Nezimpendulo
Konke okudingayo ukuze uphase i-Bengithi Lizokuna kaNakanjani G. Sibiya endaweni eyodwa: landa izincwadi zokubuyekeza mahhala, funda uhlu lwabalinganiswa, bese uzivivinya ngemibuzo yebanga le-12 enezimpendulo eziphelele.
Download Bengithi Lizokuna Grade 12 Study Guide (PDF)
Landa amanothi wokubuyekeza mahhala β abalinganiswa, izigameko, isakhiwo nokuningi. Chofoza ukulanda kumakhelekhelwana angezansi.
Amaphepha Amadala Anemibuzo Ka-Bengithi Lizokuna
Download Past Papers which include Bengithi Lizokuna questions and memos.
Bengithi Lizokuna Characters (Abalinganiswa)
Chofoza igama lomlinganiswa ukuze uvule izimpawu zakhe. Amagama nezincazelo ziqoqwe njengoba zitholakala kudokhumenti lwesifundo.
π uMhlengi / uMahlengi βΊ
- Ungungqingili β Simthola ethandana nabantu abanobulili obufana nobakhe.
- Akathembekile, Ubhangqa uNdumiso noXolani.
- Unguthathekile, Uthanda uXolani ngosuku lokuqala bebonene.
- Ungusomabhizinisi β Sithola ukuthi unebhizinisi lesaluni nehhotela.
- Uhlanzekile β Siyalandiswa ngenhlanzeko yakhe namakha abizayo nanuka kahle awasebenzisayo.
- Uyinjinga β Unamabhizinisi, uhlala efulethini elibizayo, unemoto, unanezindodla zokuyoshintsha ubulili.
- Unezimfihlo β Ufihlela uNontobeko, uNdumiso, noXolani ngesimo sakhe sobulili.
π uNontobeko βΊ
- Unothando β Simthola ebanothando olungapheli ngoMhlengi yize esemalile.
- Muhle β Ubuhle bakhe bunconywa uNgidi noNkululeko.
- Uneqiniso β Wakwazi ukwazisa uNkululeko ngaphambi komshado ukuthi ucu alumlingani (uyahluleka ukuqhubeka nomshado).
- Uyaphokophela kwakholelwa kukho β Wenza ngakho konke okusemandleni ukuthola uMhlengi akholelwa ukuthi uwubambo lwakhe.
- Uzicabangela yena yedwa β Kwabalula kuye ukulahla uNkululeko wakhohlwa ukuhlambalazeka kuNkululeko nomndeni wakhe ababezobanakho.
- Uyathandeka β Uchaza uNgidi noNkululeko bengakamazi ngisho isikhathi eside.
π uNgidi βΊ
- Unothando β Wahlala engaganiwe ngoba ethanda uMhlengi engafuni umamncane ozomhlupha.
- Uyisicebi β Unepulazi, umuzi omuhle nemali eningi.
- Uyazehlisa β Simthola ezehlisa ecela uxolo kuNomalanga emva kokuya eThekwini engamtshelanga.
- Unguthathekile β Uthathwa uNontobeko eqala ukumbona uyamzwela uyahamba uyofuna uMhlengi nomuntu angamazi.
- Unenhliziyo enhle β Abasebenzi bakhe ubaphethe kahle baze bazwelane naye uma esosizini.
- Unolaka β Uthukuthela uxosha uMhlengi uma ezwa ngobungqingqili bakhe.
- Ushesha athathe izinqumo β Simthola exosha indodana yakhe ngaphandle kokucabanga umphumela walokho.
π uNkululeko βΊ
- Unothando β Uthanda uNontobeko uze uhlela ukumshada besanda kuthandana.
- Unguthathekile β Uthathwa uNontobeko eqala ukumbona.
- Unomoya omuhle β Ushayisa uNontobeko ngemoto maqede umphuthumisa esibhedlela uyamnakekela.
- Akakwazi ukumelana nezimo ezinzima β Waliwa uNontobeko uqeda uyazilengisa uyazibulala.
- Unempatho β Wayengapheli esibhedlela ehlezi ezonakekela uNontobeko elimele.
- Unamanga β Uvuma ukuthi uyokwamukela uma uNontobeko esehluleka ukuthandana naye, uma sekwenzeka ukhala ezimathonsi uyazilengisa.
π uXolani βΊ
- Unothando β Uthanda uMahlengi ngothando olujulile okwenza aze ashelwe abantwana bakhe.
- Akathembekile β Ubhangqa uLungile noMahlengi ekubeni eshadile.
- Ungusomabhizinisi β Ungumphathi weThabekhulu Courier Services.
- Unguthathekile β Uthathwa uMahlengi eqala ukumbona uze ucabanga nokudivosa uLungile.
- Ubudedengu β Ushiya izingane ezikhiyele zizezisha nendlu eyoqetha kwaMahlengi.
- Uyigwala β Ushaywa uNdumiso kabuhlungu akazami nokuzilwela.
- Unamanga β Uqala uyaphika kuLungile ukuthi useqonyiwe uze uvuma ngoba sekufe izingane zakhe.
π uNdumiso βΊ
- Unothando β Uthanda uMahlengi ngendlela yokuthi uzama ngokusemandleni ukuthola imali yokumshada.
- Unesikhwele β Ushaya uXolani ngenxa yesikhwele anaso ngoMahlengi.
- Akathembekile β Uhamba uyontshontsha imali kaNgidi akamazisi uMahlengi noSbu ngenqinga lakhe.
- Uyisigebengu β Ungena kwaNgidi uzobamba inkunzi udubula noNyambose ujike uyabaleka.
- Unesihluku β Ubopha uNgidi no-anti osizayo uyabathuka ngenkathi ezontshontsha.
- Unozwelo β Uqoka ukuyolanda uZakithi nakuba azi ukuthi lokho kungamfaka encupheni njengoba ephuma kontshontsha.
π€ Abalinganiswa Abancane βΊ
- USbu β Utshela uNdumiso ngesicebi esihlala eGcilima esibeka imali endlini.
- UNyambose β Ubamba iqhaza lokuvula isango lokungena izimoto epulazini likaNgidi eGcilima.
- UNgidi Wesibili β Ubamba iqhaza ngokuyalela uNdumiso ukuba imuphi lo Ngidi amfunayo.
- UNomalanga β Uyintombi kaNgidi uphinde uyamlekelela ukuyofuna uMhlengi ihlandla lesibili.
- UShezi β Ubambe iqhaza elikhulu lokuthola uMhlengi esenguMahlengi.
- UMandla β Ubengumngani kaMhlengi, ubambe iqhaza lokufihla imfihlo kaMhlengi engamtsheli uNontobeko uma ebuza ngempilo esiphilwa uMhlengi.
- Umfoka Hlumayo β Ubambe iqhaza lokunikezela ngolwazi kuNdumiso ukuze eyoqola kwaNgidi.
- UZinhle β Ungudadewabo kaNkululeko ubambe iqhaza lokududuza uNkululeko emva kokushiywa uNontobeko.
- Umama noBaba kaNkululeko β Baduduza ingane yabo.
- Umuntu owabona uNyambose β Uyena owahlaba umkhosi wabiza abanye ngomonakalo owawusudalekile ngoNyambose.
- Abafanyana abasebenza epulazini β Babambe iqhaza lokuqaqa uNgidi no-Anti emva kokuqolwa.
- Nabanye abalingiswa β Njalonjalo.
Bengithi Lizokuna Grade 12 Novel Questions and Answers
Umbuzo Omude (25 Marks) β zama ukuphendula ngokwakho ngaphambi kokuvula impendulo yesibonelo.
ποΈ Bonisa Impendulo Yesibonelo
Isingeniso
Udweshu luwukungqubuzana phakathi kwabalingiswa nakumlingiswa eyedwa. Udweshu lwehlukene kabili. Kukhona udweshu lwangaphakathi kanye nodweshu lwangaphandle. Udweshu lwangaphakathi luwukungqubuzana kwemicabango okudalwa okuthile umlingiswa asuke ecabanga ngakho. Udweshu lwangaphandle luwukungqubuzana kwemibono yabalingiswa okungaholela ekutheni bagcine sebebambana ngezihluthu.
Umzimba β Udweshu Lwangaphakathi
UXolani
- Ushaywa uvalo, uhluleka nokugxilisa ingqondo yakhe kokwenzeka emhlanganweni akuwona ngenxa yokubuka uMahlengi.
- Uthando lukaMahlengi lumenza ashaywe uvalo uma ecabanga ngomkakhe. Ucabanga aze azisole ngokujaha ukuganwa.
UMahlengi
- Uyabalisa ubuyekeza obekwenzeka ngenkathi behleli kamnandi noXolani.
- Uthi ehleli nesoka lakhe uNdumiso kodwa ingqondo yakhe ibe iphithene ngokucabanga uXolani okwakumshayisa ngovalo.
- UMahlengi ubuyelwa umfanekiso kaXolani uze uyakhala. Ubalisa ngothando aluzwayo ngoXolani ekubeni uXolani ubengakamtsheli ukuthi uyamthanda.
- Ushaywa uvalo ecabanga imihlola abeyitshelwa isoka lakhe uNdumiso yokuya eSouth Coast kodwa engasho ukuthi uyokwenzani.
- Uzizwa esephelelwa uthando lukaNdumiso enhliziyweni yakhe ngenxa yothando oselumgabha lukaXolani.
UNdumiso
- Uthatha uyabeka, inhliziyo iququdwa uthando lukaMahlengi futhi useyambona ukuthi usemshintshele, uyazibuza ukuthi wayezoyithathaphi imali yokumlobola.
- Ngemuva kwengxoxo yakhe noS’bu mayelana nomcebo kaNgidi wafikelwa umcabango wokuyobamba uNgidi inkunzi ukuze athole imali yokulobola uMahlengi.
- Uyabalisa emuva kokwaliwa uMahlengi ngencwadi.
UNgidi
- Udunyelwa ikhanda ngenxa yemicabango eminingi ayenayo ngemuva kokufika kukaNontobeko emzini wakhe ezofuna uMhlengi. (Nezinye izigameko ezikhombisa udweshu lwangaphakathi zemukelekile)
Umzimba β Udweshu Lwangaphandle
UXolani
- Uxabana nenkosikazi yakhe uLungile ngoba ebalindisile nezingane, efike unuka isiqholo sabesifazane futhi ephuzile nokubiza igama likaMahlengi elele.
- Uxabana noNdumiso bebanga uMahlengi.
- Uxabana nenkosikazi yakhe uLungile futhi ngodaba lokushona kwezingane zabo.
UNontobeko
- Wala uNkululeko ngosuku olwandulela olomshado.
- UNontobeko akaboni ngaso linye noNkululeko ngenxa yodaba lomshado wakhe noNkululeko.
UNdumiso
- Ubamba uNgidi inkunzi ugcina ngokudubula uNyambose ambulale.
- Uxabana noMahlengi ngoba uyambona ukuthi useshintshile umsabisa ngokumdubula uma angase ambambe ukuthi useqomile.
UNgidi
- Uxabana noNomalanga ocingweni ngodaba lukaMhlengi.
- Uyethuka uma efika efulethini likaMahlengi lapho uMahlengi evuma ukuthi unguyena uMhlengi owayeyindodana kaNgidi. (Nezinye izigameko ezikhombisa udweshu lwangaphandle zemukelekile)
Isiphetho (Uvo Lohlolwayo)
Umbhali ukwazile ukusebenzisa udweshu ukukhulisa inoveli yakhe, evusela abalingiswa izinkinga okumele bazixazulule. Lokhu kufakazelwa udweshu lwangaphakathi kanye nolwangaphandle olukule noveli.
Amanothi Kuhlolwayo
- Ungasebenzisa namanye amaphuzu akhona endabeni ukukhombisa ukuthi indaba uyayazi.
- Veza uvo lwakho, ukhombise ukuthi useyayiphetha impendulo yombuzo.
- Kulindeleke ukuthi ubhale impendulo yombuzo njenge-eseyi.
Umbuzo Omfushane β Bengithi Lizokuna (NG Sibiya)
Fundisisa lesi siqeshana senoveli, bese uzama ukuphendula imibuzo elandelayo ngaphambi kokuvula izimpendulo.
Ngaphambi kokuba alale, wabuye wakhipha iselula esikhwameni. Phela wayekade eyivalile indlela yonke, enqena ukulokhu ephazanyiswa ngukushayelwa ngabantu abababaza lesi simanga asenzile. Kwase kunenqwaba yemiyalezo eyayishiywe ngababeshaye kabamthola. Wayivula imiyalezo, wayilalela. Eminingi yayiphuma kuNkululeko, ekhala, encenga, ebalisa, eqanganisa.
‘Ngiyaxolisa Nkululeko bandla. Ngiphoqwa yisimo nami,’ exolisa ngenhliziyo, kuhlengezela izinyembezi.
Waqeda ukulalela imiyalezo leyo, washayela unina owayekhihla isililo, ephithanelwe yingqondo, ebalisa ngehlazo athelwe ngalo yindodakazi yakhe. Wambekela isineke uNontobeko, wamchazela konke abakuxoxe noNkululeko. Wake wazama bandla unina ukumbonisa, ukumncenga, ukumkhalela.
‘Ngeke ngisaguquka kulesi sinqumo mama,’ esho ngezinyembezi, kuzwakala nokho ukuthi iphimbo lakhe linokuzimisela okukhomba khona ukuthi isinqumo asesithathile sekungesokugcina, akasenakuguquka kuso ngisho esencengwa kangakanani.
‘Izwe lizothini kodwa bakithi?’ kubalisa unina, edazuluka kakhulu futhi.
‘Kangisenandaba nezwe mama. Okubalulekile yinjabulo engifuna ukuba nayo esikhathini esizayo.’
‘Awu, kodwa bakithi!’
‘Sengizovalelisa-ke mama. Ngicela ukusho ukuthi le namba ngizobe ngingasatholakali kuyo kusukela kusasa. Ngiyode nginithinta-ke mina, ngisho ukuthi 20 ngisaphila yini, ngizwe nokuthi nina ninjani.’
‘Awu, kodwa bakithi!’
‘Ngiyaxolisa kakhulu mama.’
‘Awu, bakithi!’
Emva kwalokho wavula isikhwama sakhe, wahosha isithombe sikaMhlengi 25 okwakulokhu kungavumanga ukuba ahlukane naso ngisho esethandana noNkululeko. Kwaba eside isikhathi esigqolozele isithombe sikaMhlengi. Naye uMhlengi wamgqolozela, embuka ngalawo mehlo akhe athambile, ebusweni emamatheka kancane, kuvela lawo mazinyo akhe angaphambili athanda ukuba yizixheke. Wasigqolozela isithombe uNontobeko, wasibamba ngazo zombili, 30 wasibeka esifubeni esase simanzi te yizinyembezi. ‘Awu, ngangikwenzeni kodwa Mhlengi uze ungilaxaze, ungishiye nobuhlungu benhliziyo obungaka, nesizungu esingaka, nothando olungaka? Ngangikone ngani s’thandwa sami?’ ebihlika kakhulu ekhala.
Esakhala kanjalo welula isandla, wathatha iselula yakhe, wacupha i-alamu kuselula 35 ukuba imvuse ngonkwi, wavula isikhwama, wakhipha amaphilisi okulala ngoba wayengangabazi ukuthi buzogoloza ubuthongo ukufika. Wasukuma, waphephuka eseqonde kusinki, wavula umpompi wawaphuza amaphilisi ayesethembele kuwo ukuthi azomlamulela ekuqwasheni okwakumnyonyobela. Emva kwalokho waphindela embhedeni wazishaya phansi, walala zwi. Waze waphazanyiswa yiyo 40 iselula eyaqandula entathakusa isimkhumbuza ukuthi ubelale efuna ukuvuka kungakasi. Nebala wazamula, wazelula, wavuka walungela ukuhamba. Emva kwemizuzu embalwa wayeselungile, wangena emotweni yakhe wayishaya yazulu esebambe wona umgwaqo omkhulu obheke ezansi.
Nanxa kwakusemnyamana, base bubonakala futhi ubuhle bamagquma ale ndawo. 45 Wabukabuka lobu buhle bendawo, wakhumbula mhla ebubona ehamba noMhlengi besanda kuthandana. Wacabanga uMhlengi wazibona eseyibhula kakhulu imoto. Nansiyana idweba kuthelawayeka, yagijima njalo iyodlula koMargate, Ramsgate. Wabuye wayichezukisa imoto, wangena egaraji wathela uphethroli, wangena naphakathi erestorenti yalapha egaraji, wabiza ikhofi namasemishi, wazama ukudla.
ποΈ Bonisa Impendulo
Wamshayela ucingo wamchazela ngengxoxo yabo noNkululeko.β
Uyaxolisa kunina ngesenzo sakhe.β
Umchazela ukuthi ngeke esatholakala kule nombolo yocingo ayaziyo.
ποΈ Bonisa Impendulo
Wayengafuni ukuba abantu bamthinte emuva kokuba ekhethe ukwala uNkululeko nokuthi wayehambe washiya abantu bakubo wayakocinga unina kodwa nguye osezomshayela ucingo.β (Okubili kwalokhu)
ποΈ Bonisa Impendulo
Bobabili banothando lweqiniso.β UNontobeko wayesenqumile ukuqhubeka nempilo ashade noNkululeko kepha uthando ayenalo noMhlengi lwenza ahambe ayomfuna yize wayemphoxile. Kanjalo noNomalanga wayesemdubile uNgidi owayengazifezanga izethembiso zakhe kepha wathi uma Ngidi esebuya emncenga wamxolela ngenxa yothando.β
ποΈ Bonisa Impendulo
Isizinda ngokwesikhathi sikhombisa izinto ezenzeka ngesikhathi samanje kulesi siqeshana:
- Ukusetshenziswa kukamakhalekhukhwini β uNontobeko ukhipha ucingo lwakhe ulalela imiyalezo eyayishiywe kulo njengoba ebeluvalile.β
- Omama sebevulelekile ngezindaba ezithinta uthando ezinganeni zabo β Unina kaNontobeko uxoxisana noNontobeko ngothando lukaNkululeko.β
- Isibindi sikaNontobeko sokuya kubo kasoka β uNontobeko uyakofuna uMhlengi kubo njengoba inhliziyo yakhe yayisanamathele kuye.β
- Izindawo zokudla nezokuthela uphethiloli β uNontobeko udlula egalaji uthela uphethiloli, udla erestorenti yakhona ngaphakathi.β
ποΈ Bonisa Impendulo
UDlaba kwabe kungumseshi owaletha ithemba lokuthi uMhlengi usengatholakala njengoba bona basebehlulekile.β Nangempela walibuyisa ithemba wamthola uMhlengi lapho asehlala khona efulethini, wabakhombisa lapho uMhlengi ayesehlala khona.ββ
ποΈ Bonisa Impendulo
UMahlengi wayenalo uvalo lokuthi ingabe uXolani uyothini mhlazane walazi iqiniso ngobulili bakhe.β Baqhubeka babonana kwaze kwafika lapho uXolani eshiya izingane zodwa ebusuku zaqhunyelwa igesi zasha zangqongqa.β UXolani, izingane sezishile nenkosikazi yakhe ikhala, uyaqhubeka uyobona uMahlengi lapho afika wathola amaqiniso ngoMahlengi.β
ποΈ Bonisa Impendulo
UNontobeko wala uNkululeko ngaphambi kosuku lomshado okwaba nomphumela wokuthi uNkululeko agcine ezibulele ngenxa yesinqumo esathathwa uNontobeko.ββ
ποΈ Bonisa Impendulo
Umbhali uhlose ukugqamisa uthando lukaNontobeko noNkululeko ukuthi aluqinile ngokwanele inhliziyo kaNontobeko yayisabambelele kuMhlengiβ njengoba uNontobeka wagcina emkhumbuzile ngamazwi akhe ngokuthi amale ngobusuku olwandulela olomshado.β
ποΈ Bonisa Impendulo
Ngiyavumelana, ukushaywa kukaXolani nguNdumiso kwenza uNdumiso athathe isinqumo sokuthi ayobamba isigwili saseGcilima inkunzi ukuze alobole uMahlengi ngokushesha.β Wayesebona ukuthi uMahlengi wayengamphunyuka noma inini.β
ποΈ Bonisa Impendulo
Ngiyezwelana noNontobeko ngoba wayesenethemba lokuthi babesengakwazi ukuxoxisana noMhlengi babuyelane baphile impilo eyayizobajabulisa impilo yabo yonke.β Ngangiyohlanza ngedela/ngingakhohlwa bese ngiqhubekela phambili nempilo ngoba ngangizobe sengilitholile iqiniso lokuthi uMhlengi usengumuntu wesifazane onguMahlengi.ββ
NOMA:
- Angizwelani noNontobeko ngoba washiya uNkululeko owayemthanda ngokweqiniso wakhetha ukuyobheka umuntu owayemalile wathi ucela amukele isicelo sakhe sokuba bahlukane.β Ngangiyobuyela ekhaya ngiqale phansi impilo. Ngangingeke ngiphinde ngilahle okukhona ngokungekho.ββ