Skip to content Skip to sidebar Skip to footer

Iyini Imilolozelo?

  • Imilolozelo iyizinkondlo zomdabu ezisetshenziswa ukuthulisa noma ukulalisa umntwana.
  • Isebenza njengokulolozela, ukufutha, noma ukuncenga ingane ize ithule noma ilale.
  • Ivame ukuba mfushane, iphindaphinde amagama noma imisho, okwakha isigqi sobunkondlo esihehayo.
  • Ihaywa ngunina wengane noma ngumzanyana.
  • Ngokuvamile, izwi lishintsha, lihambe phezulu naphansi njengengoma yokulala.

Ababhali Bathini Ngemilolozelo?

  • Ntuli (2011): Imilolozelo isetshenziswa ukuthulisa umntwana ukuze alale.
  • Fraser (1996): Iqukethe okuvela empilweni yengane nendawo eziphila kuyo.
  • Msimang (1991): Imilolozelo yinkondlo noma ingoma emfushane esetshenziselwa ukushushuzela ingane ukuba ilale.
  • Gule, Maphumulo noThwala (1993): Umlolozelo uhleleka njengenkondlo, usetshenziswa ukudlalisa noma ukuthunduzela umntwana.

Imilolozelo Njengengxenye Yefa LamaZulu

  • Idluliselwa kusuka kwesinye isizukulwane kuya kwesinye.
  • Ihlanganisa isiko lokukhulisa abantwana ngothando, ngomculo, nangemphefumulo.
  • Ezinye zaziwazwa njengengoma, ezinye zinomoya wesililo noma wesithuthuthisi, ezinye zifana nezibongo.
  • Igama elithi isithunduzelo noma isidunduzelo lisho into efana nokuthunduzela noma ukuthulisa.

Isibonelo Somlolozelo

Amangebezana
Nank’ amangebezana.
Enhla kwembiz’ enkulu
Thath’ abe mabili
Ushiy’ abe mathathu
Ushiyel’ umntwana
Owa mntwana owa!
Owa mntwana owa!


Isakhiwo Semilolozelo

1. Imigqa

  • Kukhona imigqa evalekile (inophawu ekugcineni)
  • Kukhona imigqa evulekile (engenalo uphawu ekugcineni)

Isibonelo sevalekile:

Owa mntwana!

Isibonelo sevulekile:

Thath’ abe mabili


2. Injambamenti

  • Umqondo ongapheli emugqeni owodwa, uze uphelele kumugqa olandelayo.

Isibonelo:

Ushiy’ abe mathathu
Ushiyel’ umntwana


3. Impindwa

  • Amagama noma imisho ephindaphindiwe, ekuqaleni noma ekugcineni kwemigqa.

Isibonelo:

Owa mntwana owa!
Owa mntwana owa!


4. Isigqi

  • Isigqi singaba sinensayo noma sisheshe, kuye ngokuthi imigqa imide noma imifishane.

Isibonelo:
Umlolozelo “Amangebezana” unesigqi esisheshayo, ngoba unemigqa emifushane nephelele.


Isakhiwo Sangaphakathi

1. Imifanekisomqondo (Izithombemagama)

  • Kwakha isithombe emqondweni womlaleli noma womntwana
  • Ithinta izinzwa: ukubona, ukuzwa, ukuthinta, njll.

Isibonelo:

  • Nanka amangebezana – ukubona
  • Enhla kwembiz’enkulu – ukubona
  • Owa! Owa! – ukuzwa nokuthinta

2. Indikimba

  • Lokhu okushiwo umlolozelo.
  • Kulesi sibonelo: inkondlo ikhombisa uthando lomzali noma lomzanyana, ofuna ingane ilale.

Izigaba Zemilolozelo

Izinkondlo zezingane zesiZulu zihlukaniswa:

  • Imilolozelo – yokulalisa
  • Izilandelo – yokuzijabulisa noma yokudlala

Umsebenzi Wasekhaya

Phendula le mibuzo elandelayo:

  1. Umlolozelo ushiwo uma kwenzenjani?
  2. Ushiwo ngubani?
  3. Nikeza esakho isibonelo somlolozelo.
  4. Bheka umlolozelo encwadini eniyifunda kulo nyaka bese uphawula ngalokhu:
    • Imigqa
    • Impindwa
    • Isigqi
    • Imifanekisomqondo
    • Indikimba

Get Free Help for Your Assignment Today

Click the Button Below:





Looking for something specific?