Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10 – 12 Essay Guide

Ukubhala i-eseyi / Indaba: IsiZulu Grade 10 – 12 Essay Guide.

Iyini Indaba

Indaba ubhalo oluhlelekile olugxile isihlokweni esisodwa. Lo mbhalo wakhiwa ngezigaba, zonke ezigxile esihlokweni esikhulu.

UKUBHALWA KWENDABA/-ESEYI

Isingeniso:

Bhala isingeniso esizokwethula ingqikithi yendaba.

Isingeniso sakho kumele sibe sifushane kepha sidle ngokujiya. Lesi sigaba yisona esibeka ngamafuphi ulwazi oluhambisana nesihloko obhala ngaso. Lapha ubeka umfundi wendaba yakho esithombeni ngozokhuluma ngakho ngokwesihloko.

Umzimba

Yethula umbono wakho kabanzi.

Kulesi sigatshana kumele indaba ihleleke ngokwezigaba ezilandelanayo. Yileso naleso sigaba kuba kuhle ukuba sibe nomusho osasihloko ukwehlukanisa umqondo wezigaba. Zama ukuchaza kabanzi umqondongqangi waleso naleso sigaba. Zama ukufaka nezibonelo uma zidingeka ukweseka umqondo wesigaba.

Sebenzisa imisho elekelela ukunikezelana kwezigaba

I-eseyi iyaye igeleze kamnandi uma kuwukuthi kusetshenziswa imisho elekelela ukunikezelana kwezigaba. Kuba umkhuba omuhle uma uxhumanisa izigaba zakho ngobuciko ukuze i-eseyi yakho izohleleka kahle. Kungasetshenziswa amagama afana nalawa alandelayo: Ngakho-ke; kwagcina, kufana, ngaphezu kwalokho…

Isiphetho

Phetha ngesigaba esisongayo

Phetha ngokugcizelela umbono wakho ngokwesihloko obhala ngaso. Songa ngokuthi ubeke ukuthi kungani ubona ngale ndlela wena obona ngayo noma uphethe ngokugoqa umqondongqangi wendaba yakho.

Inqubo Yokubhala

Bheka umdwebo owethula inqubo yokubhala imibhalo bese ufunda amanothi angezansi achaza inqubo ngokugcwele:

Zilungiselele ngaphambi kokubhala.

•a ngenhloso yombhalo nezethameli zawo.

Veza izinhlaka zesakhiwo, isitayela nombono ngesihloko.

Thola amaphuzu ahambisana nesihloko, wahlele ngokuwabhala phansi. Yenza amalungiselelo angaba amaphuzu noma umdwebo osalulwembu.

Yakha izinhlaka zokuqala

Sebenzisa ngempumelelo imibono esemqoka nesekelayo etholakale lapho kulungiselwa ukubhala.
Bhala indaba noma umbhalo ophelele ulandela amaphuzu owabhale kumalungiselelo. Nquma ngokukhethwa kwamagama anembayo, achazayo nemishwana ezokwenza ukuthi okubhalwayo kucace.

Qikelela ukuthi ithoni nerejista kuhambisana nezethameli kanye nenhloso yombhalo wakho.

Buyekeza, ufundisise ukuze ucacise

Fundisisa lokhu okubhalile ukuthola ukuthi kuyawakha yini umqondo

Lungisa Amaphutha

Hlolisisa umsebenzi wakho ukuze ulungise amaphutha okungaba ukukhethwa kwamagama, izimpawu zokuloba, isipelingi njl.

Yethula umkhiqizo wokugcina

Yiba nomkhiqizo osesigabeni esesikulungele ukufundwa bese uthola imiklomelo/amamaki



Looking for something specific?