Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 – 12

Izinhlobo Zezindaba Nezimpawu Zazo IsiZulu Grade 10 – 12

INDABA ELANDISAYO (Narrative essay Examples)

Kule ndaba ulindeleke ukuba uxoxe ngesigameko esake senzaka kuwe, oke wasibona senzeka komunye noma owaxoxelwa ngaso. Kuyenzeka ubhale indaba oyisusela ekhanda. Lokho siyakuthola kwenzeka kakhulu kubafundi (ezikoleni). Kubalulekile ukuba ubhale indaba oyisusela ekhanda kube yindaba ekholakalayo. Sebenzisa inkathi edlule uma uxoxa indaba.

Kumele umfundi acabange ngalokhu okulandelayo lapho ebhala indaba elandayo:

  • Isigaba esiyisingeniso kufanele sibe sifushane sihehe ngokwethula indaba ngamafuphi.
  • Indaba elandisayo kufanele ikholakale nakuba kungeyokuziqambela.
  • Umuntu ofunda le ndaba kufanele ahlale elangazelele ukuzwa okulandelayo kuze kube sekugcineni.
  • Ukulanda okuyimpumelelo kugqamisa ngokusobala imizwa, efana neyokubona, eyokuzwa, eyokunambitha, eyokuhogela naleyo yokuthinta.
  • Indaba enesiphetho esingajwayelekile iba nesasasa kunaleyo enesiphetho esisobala futhi esilindelekile.

Ukube Ngangazi Ngabe…(Narrative Essay Topic)

Ukube ngangazi ngabe angivumelanga ukuhluthuka kwenhliziyo ngize ngenze into enje. Kuthe mhla zingama- 20 kuNhlangulana ngonyaka wezi-2020 ngangizihlalele endlini yokufundela engasesandleni sokunxele uma ungena ngesango elingenela eNyuvesi yakwaZulu. Kwakhala ucingo olwaluqhamuka ekhaya lungibikela ngokugula kukamama ongizalayo intombi yaseMaChunwinini okungaqondakali.

Ngezwa kuduma ikhanda kwaba sengathi ngilele ngiyaphupha. Kwaba nzima ngalolo suku ngoba ngangingenayo ngisho indibilishi yokugibela ibhasi elibheke eMatuba ngangizolikhokhela ngoThoko yini. Ngezwa kuxega amadolo, ngafikelwa yinzululwane, ngavele ngahlala phansi. Ngazama ukuthatha umakhalekhukhwini wokushayela uBheka umngani wami owayesavakashele ngasedolobheni eMpangeni. Phela lapha eNyuvesi ngenye indawo. Umuntu wenza lokho athanda ukukwenza ngesikhathi asithandayo angakhuzwa muntu. Nami ngangizama ukufunda ngoba ngiqhutshwa yilezi zindlu zasekhaya ezigcwele igceke okwakusafanele ngizilungise.

Ngenhlanhla uBheka wabe esebambe itekisi elibuyayo ngenkathi ethola ucingo lwami. Yayisizofika emasangweni enyuvesi itekisi wehla maqede wanikela lapho engabe ngihlezi khona. Ngamlandisa ngocingo oluvela ekhaya wabe esenginikeza imadlana yokugcina eyayisele ngenkathi ethenga edolobheni. Ngasukuma

Microsoft Word – IsiZulu 17:11.docx

ngaqoqa izintwana engangizozidinga amabombo ngawabhekisa esiteshini eMpangeni nokuyilapho okugitshelwa khona amatekisi namabhasi. Ngenhlanhla ngalithola ibhasi lokugcina elibhalwe ukuthi Zungu Motor Service, leli yibhasi elalihamba lize liyolala kwaNongoma. Lashosholoza njalo ledlula eNseleni laze liyodlula kwaMbonambi. Kwathi kushaya ihora lesi-6 ntambama labe lingena edolobheni eMtuba.

Ngacela umshayeli ukuthi angishiye emgwaqeni omkhulu ngoba kwase kuhlwile ngingeke ngisazithola izimoto ezidlula eNkodibe zilibhekise ngaseMayini yamalahle. Umuzi wakithi wakhe eMachibini ngaphansi kwentaba iThokazi. Ngehla, ngalibashuza ngezinyawo ngaba nenhlanhla yokuthola iveni elalivuleke phezulu elangehlisa ngaphansi kwentaba. Ngawela umfula owawunamanzi angemaningi kakhulu kwazise belikade liyidliva imvula. Ngathi nje ngisaqala intaba leyo ngethuswa ukuqhuma kwesililo okwezwakala maqedane kwabanda kwamancane. Ngase ngizihudula nangenkathi ngizama ukuhamba ngisheshe sekuxega namadolo.

Angivunyelwanga ukungena endlini lapho ayeselele khona okaMacingwane. Ngadonswa ngubabekazi wangihola njalo wayongifaka elawini lami. Ngasikhihla esikaNandi ngomama ongasezukungibona sengigqoka ijazi lemfundo. Bangilandisa ukuthi umama kade esenenkinga yokuphefumula ekhala ngekhanda ejuluka ekhishwa nayisisu. Ubengasakuthandisisi ukudla ethi kumnukela kabi kuvele kuthi akabuyise. Babemzama ngokumbilisela umsuzwane. Amazwi akhe okugcina wabiza uMaNtombela okungumakhelwane wethu oyinesi esibhedlela kwaHlabisa kwaba ukuphangalala kwakhe njalo.

Ngenkathi kusuka isidumo umndeni wonke wathi mbo endlini lapho kushonele khona umama. Babezigingqa phansi naphezu kwakhe umta kaMaCingwane. Pho wayesabona yini ngoba wayesehambile. Lathi lishona elangakusasa base bebika imiphimbo ebuhlungu namakhanda aqaqambayo bonke lapha ekhaya. Kwaqala uthunjana wakwethu wajuluka wancisheka umoya akwabe kusaphefumuleka, sabathe siyazama kwanhlanga zimuka nomoya. Kwafika i-ambulensi ngemuva kwendaba wayesehambile emhlabeni umtakababa. Ayihambanga ilambatha yayisithwele amalunga omndeni ayesezibhonqa.

Ngakhumbula ukuthi kuthiwa umama ubize uMaNtombela okungumakhelwane wethu. Ngalinda lashona maqedane ngawokhela ngomlilo umuzi wonke akusindanga noyedwa. Njengoba ngiseselini nje, ngidonsa iminyaka engamashumi amathathu. Sengibona ezindabeni ukuthi umndeni wakithi kutholakale ukuthi ubhuqabhuqwe yigciwane lekhorona ngemuva kokwenziwa kocwaningo lwezidumbu.

INDABA ECHAZAYO (Descriptive essay)

Kule ndaba, mfundi chaza isimo esithile, umuntu othile noma indawo ethile. Njengoba isihloko sisho, kumele usebenzise amagama achazayo kule ndaba. Ngale kwalokho usebenzisa kakhulu inkathi yamanje.

Mfundi cabanga ngalokhu okulandelayo lapho ubhala indaba echazayo:

  • Qikelele ukuthi ukhetha isihloko osazi kahle. Isizathu ukuthi kulukhuni ukuchaza into ungenalo ulwazi oluphelele ngayo.
  • Khetha ngokucophelela amagama nezimo zokukhuluma.
  • Amagama asetshenziswa awakhe isithombe esikhanya bha.
  • Ungasebenzisa imifanekisomqondo yokubona, yokuhogela, yokuzwa, yokunambitha kanye neyokuthinta ukuze ikulekelele ukwenza okuchazayo kukhanye bha.

Isibonelo sendaba echazayo

Umyalelo
Bhala indaba ngesihloko esithi: Impumelelo Ilele Ekubambisaneni

Amalungiselelo:
Isingeniso: Amasongo akhala emabili Umzimba:

  • Kuhlonishwana kabili.
  • Ibaluleke ngani inhlonipho?
  • Ukubambisana kubafundi nothisha.
  • Ukubambisana kubafundi nabazali.
  • Ukubambisana kwesikole nesigungu saso.
  • Ukubambisana kwesikole nomphakathi wonke. Isiphetho: isikole esiphumelelayo yileso esinokubambisano.

Amasongo Akhala Emabili Kule ndaba ngizochaza ngobuhle bokubambisana nokusebenzisana kahle ukuze kube nempumelelo. Izandla ziyagezana, okukhomba lona njalo ubambiswano. Lokhu ngizokubhekisa kakhulu ezikoleni eziphumelelayo. Woza nendlebe ngize nendaba.

IsiZulu sithi kuhlonishwana kabili, umfundi kufanele amazise uthisha njengomsiza wakhe ezifundweni nasenhlalweni nje. Esikoleni abafundi kumele babe ngabafundi ngokuphelele futhi kungangabazeki lokho. Uthisha naye akafundise abambisane nabafundi ngokuphelele. Ukubambisana phakathi kukathisha nomfundi akungabazisi ukuthi kungathela izithelo ezinhle. Kubalulekile ukuthi umfundi nothisha babambisane emfundweni futhi bazimisele ngeqhaza abalibambile.

Abafundi bebodwa nabo kumele babambisane ekufundeni. Ukuhloniphana kwabo bebodwa kwenza ukuthi babe nokwazisana nokwethembana. Ukwazisana kuholela ekuthini balekelelane, ekufundeni kwabo. Babambisana njengamalunga omndeni, kungabi bikho obukela omunye phansi. Esikoleni yilapho kufanele khona ukuthi kukhuthazwe ukubambisana nokwazisana ngoba phela isiZulu sithi libunjwa liseva. Uma umuntu engafundanga ukubambisana nokusizana nabanye esemncane, kuba bukhuni satshe uma kuthiwa akenze njalo esemdala.

Singebashiye ngaphandle abazali ngoba nabo baneqhaza elikhulu entuthukweni yesikole. Abafundi basuka kubazali beya esikoleni. Abazali banethemba elikhulu lokuthi abantwana babo bangenza okungcono ukukhuphula izinga lempilo yabo. Kufanele abazali bazi ukuthi nabo baneqhaza elikhulu okufanele balibambe ekuphumeleleni kwezingane zabo. Abangabeki lonke ithemba labo kothisha. Kepha kufanela babambisane nothisha kanye nezingane zabo. Abazali kumele balandelele ukuthi izingane ziwenza kahle yini umsebenzi wesikole. Abanye abazali bayakwazi nokulekelela umfundi ekukhetheni umkhakha okufanele awufundele ngokubheka amakhono umfundi anawo.

Ukubambisana kwesikole nesigungu sesikole kusiza kakhulu ekusithuthukiseni isikole kuyo yonke imikhakha. Isikole esinesigungu esisinakayo siba namagumbi okufundela enele, izinsizakufunda ezenele, ukuvikeleka okufanele, kwesinye isikhathi size sibheke nokuthi othisha benele na. Uma kunesidingo kuze kuqashwe uthisha ozobambisa, ngoba bekhathalela isikole, nokuthi kungabi bikho izingane ezizohlala zingafundi. Uthishanhloko uyena odala ukubambisana phakathi kwesikole nesigungu sesikole. Lokhu kwenza ukuthi kube khona ukuxhumana okuhle esikoleni kusuka kuthishanhloko, othisha nabafundi.

Othisha nabo kumele bazinike ithuba lokuxoxisana nabazali babafundi. Lokho kubambisana kwabo bobabili kuyasiza ngoba bagcina sebemazi kangcono umfundi. Uthisha uthola zonke izingqinamba umfundi abhekene nazo. Kanjalo nomzali uyazithola izingqinamba ezibhekene nengane yakhe esikoleni. Lokhu kugcina kubasiza ekutholeni isisombululo sezinkinga abanazo ngomfundi. Leso sisombululo futhi asimcindezeli umfundi.

Umphakathi owakhele isikole nawo ubalulekile ngoba noma ungashongo lutho kodwa uneso elibanzi esikoleni. Ake ucabange nje isikole esisepulazini kodwa singasifundisi isifundo sezolimo. Lokho kungasho ukuthi izingane zaleyo ndawo angeke zikwazi ukuthuthukisa ezolimo ekubeni zibe ziphila ngakho ukulima. Umphakathi ubhekelela ukuthi othisha bangahlukumezeki. Umphakathi uyaziqhenya ngesikole sasendaweni uma senza kahle, ikakhulukazi uma sinemiphumela emihle. Amalunga omphakathi angomacaphuna kusale awenqeni ukuthi anikele ngemali ukuxhasa isikole esisebenza kahle.

Impumelelo yesikole iba sekubambisaneni kwazo zonke izinhlaka ezisesikoleni. Ukubambisana yikhona okuchumisa isikole. (Amagama =390)

INDABA ENINGAYO NOMA ECABANGISISAYO (Reflective essay)

Kule ndaba ucabanga ngombono ubuye unikeze impendulo yakho. Kumele ujeqeze emuva esigamekweni esike senzeka. Beka imibono yakho ngokwenzekile, acacise okuhle namaphutha bese wenza izincomo ngokuthi kufanele kwenziwe njani ukuguqula isimo salokho ngokuzwayo.

Beka uvo lwakho ngesihloko esithile. Akusho ukuthi akushoyo kuliqiniso kepha yilokho akucabangayo ngabantu, ngesintu noma ngempilo nje. Lokho akubekayo kuhle kusekelwe ngamaqiniso ukuze kungamdini lowo ozofunda indaba. Indaba enje ingaveza ukujula komqondo wombhali futhi abaningi bayithatha njengeqiniso langempela.

Mfundi nakhu okulindeleke kuwe uma ubhala indaba eningayo

  • Indaba eningayo yenganyelwa yinto noma abantu.
  • Imizwa nokuthatheka kwenhliziyo kubamba iqhaza elibalulekile kakhulu kule ndaba.
  • Ingxenye enkulu yendaba ingaba ngechazayo. Lokhu kuchaza kufanele kukhanye futhi kuveze imizwa kanye nenkumbulo yomlobi lowo.
  • Imibono/imicabango eveziwe kufanele yembule ubuqiniso kanye neqhaza elibanjwa umlobi. Isibonelo sesihloko sendaba eningayo/Ecabangisisayo:
    Ukukhuliswa Kwakhe Kube Nomthelela Wokuhlukumeza Abanye Abafundi Amalungiselelo
    Isingeniso: Indlela yokukhuliswa ingakwakha noma ikulimaze empilweni.

Umzimba:

  • Ukukhuliswa okungenalo uthando nobuntu.
  • Umphumela wokungakhuliswa kahle.
  • Umthelela wokukhuliswa ngokungeyikho.

Isiphetho:

Okungenziwa ukuvuselela ubuntu nokuvikela abangenawo amandla.

INDABA EQHATHANISAYO (Discursive essay)

Le ndaba ihlobene kakhulu nendaba edaza inkani. Okufanayo ukuthi kuzo zombili lezi zinhlobo ubeka imibono yakho. Umehluko okhona ukuthi endabeni eqhathanisayo kulindeleke ukuba ubhale ngezinhlangothi zombili. Kulindeke ukuba uveze ubuhle kanye nobubi, ugxeke uphinde uncome lokho oxoxa ngakho. Okumnandi ngalolu hlobo lwendaba ukuthi ushiyela kumfundi wendaba ukuba azithathele yena isinqumo ukuthi yiluphi uhlangothi alibona lingcono kunolunye.

  • Veze izinhlangothi ezimbili eziqophisanayo ngokulandela, okungaba ububi kanye nobuhle bento ethile.
  • Yethula izinhlangothi ezimbili esingenisweni sendaba obhala ngayo.
  • Bhala ukuthi uzokwethula kanjani lokhu kuqophisana okuveze esingenisweni. Okujwayelekile ukuba usho ukuthi uzoqala ngamaphuzu avuna noma atusa lokho obhala ngakho kulandele ukuphikisa noma ugxeka lokho okhuluma ngakho.
  • Esiphethweni kulindeleke ukuthi wena ukhetha luphi uhlangothi kulezi zindaba.

Isibonelo sendaba eqhathanisayo

Ubuhle Nobungozi Bokuwina Imali Eningi Kakhulu.

Izimpendulo zingathinta amaphuzu alandelayo:

Isingeniso:

Ukuhlukana kwemibono yabantu

Umzimba

Ubuhle:

  • Ungakwazi ukuthenga yonke into oyifunayo noyidingayo.
  • Ungasiza umndeni kanye nabanye abantu.
  • Ungahlonishwa ngabanye abantu. Ubungozi:
  • Ungahlaselwa yizigebengu.
  • Ungaba nezitha eziningi.

Ungangakwazi ukuphila kahle nabanye abantu. (Nokunye okuhambisana nesihloko.)

Isiphetho

Ukusonga indaba yakho ngamaphuzu ngemisho eqoqa yonke indaba. Ukuveza imibono nona iziyalo.

INDABA EDAZA INKANI (Argumentative essay)

Kule ndaba edaza inkani mfundi qala ngokukhetha uhlangothi ovumelana nalo esihlokweni obhala ngaso. Ungavumelana noma uphikisane nesihloko.

• Yethula esingenisweni uhlangothi olulodwa ozogxila kulo. Emzimbeni wendaba yenaba ngamaphuzu asekela uhlangothi olukhethile esingenisweni.

• Cacisa esiphethweni ohlangothini olukheni.

Isibonelo sendaba edaza inkani

Isifo Esingiphethe Siyimfihlo Yami

1. Amalungiselelo/ uhlaka (uma umfundi ephikisana nesihloko)

Isingeniso: Isethulo

Ukuphikisana nesihloko.

Umzimba:

  • Ukufihla isifo esikuphethe kwenza ungakutholi ukwesekwa.
  • Ulahlekelwa usizo obungaluthola.
  • Ukugula kwakho kuba nomthelela kwabanye abantu.
  • Ukuqinisa abanye abagulayo. Isiphetho: Songa ngokugxeka ukufihla ukugula kwakho.


Looking for something specific?