Ingxoxo / Inkulumo Mpendulwano IsiZulu (Isibonelo)

Ingxoxo / Inkulumo Mpendulwano IsiZulu (Isibonelo)

Nazi izinto okufanele uziqaphele uma ubhala ingxoxo/inkulumo-mpendulwano:

  • Isakhiwo sengxoxo/ senkulumo-mpendulwano
  • Bhala isethulo. Lesi sethulo sibhale ekuqaleni usifake kubakaki. Esethulweni ngenisa udaba oluzoxoxwa nokuthi luzoxoxwa ngobani kanye nendawo abazoxoxa kuyo.
  • Abaxoxayo baqambe amagama.
  • Amagama alabo abakhulumayo wabhale ngasesandleni sokunxele, abe mafushane nesibongo singasetshenziswa esikhundleni segama. Ungabhali lutho ngaphansi kwamagama alabo abakhulumayo. Emagameni kuphongozwa u-u omncane.
  • Bhala ikholoni emva kwamagama abantu abakhulumayo.
  • Khetha amagama okumele akhombise ukwehlukana kwezinga lalabo abakhulumayo. Isibonelo:’ ubaba uma ekhuluma nendodana, ingane yesikole uma ikhuluma nothisha’.
  • Inkulumo-mpendulwano yakho mayibe nesingeniso, umzimba Kanye nesiphetho. Ingaphetha ngokuba bezwane noma bangezwani kuye ngokuthi udaba abebeluxoxa luhamba kanjani.

Umyalelo:

Bhala Ingxoxo/inkulumompendulwano phakathi kukathishomkhulu, umzali kanye nomfundi, mayelana nokungasigcini isikhathi njengoba kubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka.

Isibonelo senkulumo-mpendulwano:

  • Amalungiselelo:
    1. Isihloko
    2. Isethulo
    3. Inkulumo-mpendulwano ehlelwe ngebhulokhi, abalingiswa babhalwe balandelane ngasesandleni sokunxele, kulandele ikholoni bese kuba amazwi ashiwo ngumlingiswa.
    4. Inkulumo yabo mayihleleke kanje:
      • Isingeniso: bangenisa inkulumo
      • Umzimba: kudingidwa imbangela yokufika komfundi emva kwesikhathi.
      • Imiphumela yokufika emva kwesikhathi
      • Isiphetho: inkinga iyaxazululeka.

Isibonelo sengxoxo/senkulumo-mpendulwano:

[Kusekuseni ehhovisi likathishanhloko uMnu. Sokhulu, uzobonisana noNkk. Ngema mayelana nokukhathazeka kwakhe ngokungasigcini isikhathi kukaMfundo.]



Looking for something specific?